Boost

Nxa imipumela yakho yokuhlolwa komlomo wesibeletho  ingajwayelekile, uzomenywa ukuba uze kwenye i-aphoyintimenti, ebizwa ngokuthi i-colposcopy. Lokhu kuzonika abasebenzi bezempilakahle elinye ithuba lokukhangela umlomo wakho wesibeletho. Bayakwazi ukubona ukuthi amaseli angajwayelekile akuphi lokuthi yikuphi ukwelashwa okungaba ngcono kuwe. Ngokuvamile bazothatha amasampula engeziwe emlonyeni wakho wesibeletho ukuze baphinde bahlole.

Kusiya ngesimo sakho, ukwelatshwa ozonikezwa kuzotshiyana. Ikakhulukazi kuhlanganisela ukukhipha noma ukucekela phansi amaseli angajwayelekile.Nxa amaseli angajwayelekile esehambile, ngeke akwazi ukukhula abe yimvukuzane- ukuze ukwazi ukuqhubeka lempilo njengokujwayelekile.
 

Isikhathi esinengi amaseli angajwayelekile angasuswa ngaphandle kokuhlinzwa. Odokotela bangasebenzisa intambo encane elamandla kagetsi ukuze bakhiphe amaseli angajwayelekile. Ngokusebenzisa i-speculum ucingo lufakwa esithweni sowesifazane. Inqubo iphephe kakhulu futhi ngokuvamile ithatha imizuzu engu-15 kuphela. Uyanikwa i-anesthetic ukusiza ubuhlungu. Ungabuyela ekhaya ngemva kwalokho, kodwa uphathe ithawula le-thawulo, njengoba kungase kube lokuphuma kwegazi ekuqaleni. Ukuze uvimbe ukutheleleka, kuyakhuthazwa ukuthi ungasebenzisi i-tampon noma uye ocansini okwamaviki angu-4 ngemva kwengqubo.

Enye inketho yikubhidliza amaseli ngokuwatshisa noma ukuwaqandisa. Lokhu kungenziwa nge-laser noma i-probe eshisayo noma ebandayo. Ukwelatshwa kuzwakala kuthusa kodwa kuqondile futhi akufanele ukhathazeke. Phose uzozwa ubuhlungu obuncane, obufana lalobo obuzothola nxa usesikhathini. Nxa sekuqediwe uzokwazi ukuya ekhaya.

Injongo yokuhlolwa komlomo wesibeletho yikuhlola amaseli angavamile  ingakaqalisi imvukuzane yomlomo wesibeletho. Lokhu kutsho ukuthi uyohlolwa ngesikhathi usaphila kahle futhi ungalindi ukuthi kube lezimpawu.

Lokho, nxa ubona noma yiziphi izimpawu kulezi ezilandelayo, kufanele ukhulume lesisebenzi sezempilakahle : 

a) Ukuphuma igazi okungajwayelekile kwesitho sowesifazane
b) ubuhlungu noma ukungakhululeki ngesikhathi socansi
c) utshintsho kokuphumayo esithweni  sowesifazane 
d) ubuhlungu endaweni ephakathi kwamathambo e-hip ).

Lakuba lezi zingaba zimpawu zokuqala  zemvukuzane  yomlomo wesibeletho, ziyizimpawu ezivamileyo kwezinye izinkinga zempilo, ngakho-ke kuhle ukukhuluma  lesisebenzi sezempilakahle nxa ubona lezi zinguquko.