Boost

I-Infant Prophylaxis (noma i-postnatal prophylaxis ethuthukisiweyo) iluhlobo lwe-PEP olunganikezwa abantwana ukuze kwehliswe amathuba okuthi bathole i-HIV. I-infant prophylaxis inikwa kuphela abantwana abasengozini enkulu yokuthola iHIV. Lokhu kuhlanganisa lapho omama bethole  i-HIV ngesikhathi bezithwele noma bemunyisa, betholakale sekuphuzile noma abalodubo lokubambelela ngokuqinile ekuthatheni imithi kanye lenani  legcikwane eliphEzulu egazini.

Abantwana abanengi  bayanikwa inhlanganisela yansuku zonke ye-zidovudine (AZT) futhi i-nevirapine (NVP) kumaviki ayisithupha ngemva kokuzalwa. Ezinganeni ezimunya ibele lokhu kuyaqhubeka wokwamaviki ayisithupha engeziwe nge-AZT le-NVP noma i-NVP yodwa.

Ngemva kwalokhu inani legcikwane egazini likamama kufanele libe phansi ngokwanele ukuze umntwana aqhubeke ngokumunya, ngaphandle kokudinga ukuvikeleka okwengeziwe.

Kubalulekile ukuthi lapho umntwana eyekela i-infant prophylaxis angasaphinde aqale, noma inani legcikwane egazini likamama lingaya phezulu. Endaweni yalokho kufanele athole ukwesekwa ngabezempilakahle ukuze abambelele ekwelatshweni futhi anqobe noma yiziphi izithiyo zokubambelela.

Ubuchopho bomntwana bukhula masinya kakhulu ezinsukwini zabo zokuqala ezingu-1,000 ngemva kokuzalwa (cishe iminyaka yokuqala engu-3). Abantwana bakhula kahle kakhulu nxa belazo zonke izinto ezibhalwe phansi.

1. Ukunakekelwa kwezempilakahle - impilakahle  ebuthaka ingaphazamisa ukukhula komntwana. Ukuqinisekisa ukuthi banakho abakudingayo ukuze bahlale benempilakahle, okuhlanganisa ukuhlatshwa lokwelashwa kwanoma yiziphi izifo kuzoqinisekisa ukuthi impilakahle  ebuthaka kayiphazamisi ukukhula kwabo.

2. Ukudla okulomsoco - Umntwana wakho udinga ukudla okufanele ukuze ekhule. Uchago lwebele luyakwazi ukunika  umntwana  zonke izakhamzimba azidingayo ukuze akhule ezinyangeni ezingu-6 zokuqala. Unganquma ukumunyisa ibele isikhathi eside kulalokhu.

3. Ukuvikela - izindawo eziphephileyo lezikhulisayo, lapho abantwana benikwa  uthando olunengi emulini zabo yikho okudlula konke ekukhuleni kwabo.Ukubaveza ekuhlukuluzweni, ukunganakwa noma izingxabano kunganciphisa ikhono lomntwana lokukhula ngendlela elempilakahle.

4. Ukunakekela okusabelayo - ukudlala lokuxhumana kusiza ukukhula komntwana. Kubalulekile ukuthi abantwana abancane  bathole ukunakwa abakudingayo ebantwini abadala.Ukuhlekelela, ukukhangelwa emehlweni, ukukhuluma lokuhlabela konke kusiza umntwana wakho ukuba afunde futhi akhule.

5. Ukufunda besebancane - nxa abantwana sebekhulile kubalulekile ukuthi lawa mathuba okufunda aqhubeke. Kufanele bakwazi ukufinyelela esikolo secreche noma kwezinye izindawo lapho abangafunda khona.