Boost

I-Syphilis ngesinye isifo esingadluliselwa kalula sisuka kumama siye enganeni ngesikhathi sokuzithwala. Kungaba yingozi kakhulu ezinganeni futhi ngokuvamile kuyabulala. Izingane ezifika ku-40% ezizalwa ngomama abalesifo lesi  esingabanjwanga ziyabulawa yilesi sifo.

Yingakho kubalulekile kakhulu ukuhlolwa iSyphillis ngesikhathi sokuzithwala. Kufanele uhlolwe i-syphilis kuAppointment yakho yakuqala ngemva kokuthola ukuthi ukhulelwe. Nxa impumela i- positive, i-syphillis ingeyelatshwa ngama-antibiotics. Lokhu futhi kungavimba ukutheleleka ukuthi kungadluleli enganeni yakho. Nxa kutholakala ukuthi awulayo kubalulekile ukuthi uvikele ukuthola isyphillis ngesikhathi sokuzithwala kwakho, futhi kufanele uphinde uhlolwe nxa ucabanga ukuthi usengozini.

Akubona bonke abantwana abazalwa lesyphillis abazobonisa izimpawu zesifo lesi.Ngakho-ke nxa  ube lesyphillis ngesikhathi ukhulelwe futhi ungazange ukuthole ukwelatshwa, ingane yakho izodinga ukuhlolwa lapho izalwa. Nxa ingatholakala  ilalesi sifo, kubalulekile ukuthi ithole ukwelatshwa masinyane.

Ukuzithwala kuqala lapho isidoda sivundisa iqanda. Kusukela ngaleso sikhathi ukukhulelwa kwehlukaniswa yizigaba ezintathu ezibizwa ngokuthi ngamatrimester. Esinye lasinye sichaza isigaba sokukhula komntwana ngesikhathi sokuzithwala.

Ku-trimester yokuqala, iqanda selivundisiwe futhi umzimba wakho usulungele ukuzithwala. Kungenzakala ukuthi ungazizwa unwebeka esiswini sakho, ungagula futhi udinga ukuchema kanengi njengoba isibeletho sakho sinwebeka futhi siqala ukucindezela esinyeni sakho.

Kungalesi sikhathi lapho umntwana wakho ekhula khona enqwabeni yamaseli esiba yi-embryo. Izitho lengxenye zomzimba zabo ziqala ukwakheka kanye le-placenta. I-placenta yisitho esinamathele olwelweni lwesibeletho sakho ngesikhathi sokuzithwala. Ku-placenta lapho yonke iokhisijeni, imisoco lamahomoni kudluliselwa khona kusuka kuwe kusiya enganeni yakho.

Ku-trimester yesibili, ukuzithwala kwakho kuba sobala kakhulu - lokuba isikhathi esiqondile salokhu sizohlukana ngowesifazane. Ngokuvamile ukugula okuvame okwenzeka ku-trimester yokuqala kuzoba ngcono. Ungahle futhi uzwe ukuthi ingane yakho iqala ukunyakaza ukusuka cishe kumaviki angu-18 kusiya ku-20.

Ngesikhathi setrimester yesibili izitho zomntwana ziyaqhubeka zikhula. Izindlebe zabo zivame ukukhula emasontweni angu-16 okutsho ukuthi zizoqala ukuzwa imisindo ethile. Ngalesi sikhathi umntwana uyalala avuke, futhi angakhahlela futhi azelule.

I-trimester yesithathu yisigaba sokucina sokukhulelwa. Phose uyazizwa ukhathele futhi uphelelwa ngumoya njengoba isisu sakho siyabe sesincindezela amaphaphu akho.

Ngalesi sikhathi, ukukhula okukhulu kwengane sekuphelile. Amathambo omntwana ayaqala ukuqina futhi ayazimuka. Umntwana laye ngokuvamile uyaphenduka ukuze ikhanda lakhe likhangele phansi selilungele ukuzalwa.

I-Folic acid yisengezo esibaluleke ngempela kubo bonke omama abazithwalayo. Isiza ukukhula kwengane yakho futhi iyivikele ekutholeni ukulimala okwaziwa ngokuthi yi-neural tube defects, okungathinta ubuchopho bezingane, umgogodla kanye lezinhlelo zezinzwa.

Kufanele uqale ukuyinatha nxa uzama ukukhulelwa noma ngokuphangisa ngesikhathi uthola ukuthi uzithwele.

I-Folic -Folic acid ithathwa njengephilisi. Ungakwazi futhi ukwengeza ukudla kwakho kwe-folic acid ngokuqinisekisa ukuthi udla imibhida eminengi eluhlaza, irayisi elebrown lesinkwa sebrown.Ukudla okunengi kwalokhu kudla, ngeke kukunike yonke i-folic acid edingwa yingane yakho, ngakho qiniseka ukuthi uyazithatha ezokuyengezelela futhi.